Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.
UMaku 1:15ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;
KwabaseRoma 3:23Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 6:23kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
KwabaseRoma 5:8Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
KwabaseEfesu 2:8-9Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa, ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
KwabaseRoma 10:9-10Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
Eyesibili KwabaseKorinte 5:17